OKUNGAPHELI KUYAHLOLA

Emva kokulalela izinhlobo-nhlobo zezingoma ezikhiqizwa mhlaba jikelele eziyintando yeningi kanye nokuqaphela kwezemfeshini kuvele kwacaca ngempela ukuthi into nento inesikhathi sayo. Ngempela okungapheli kuyahlola nakho-ke, ubani owayekade azi ukuthi umakhalekhikhini owawubiza futhi udume kakhulu ngokwezobuchwepheshe usetshenziswa yiziqumama zosomabhizinisi obizwa ngokuthi i-Blackberry uyobe usudlalwa yizingane ezineminyaka eyishumi nantathu.





Mengibheka emumva kuba sengathi yiphupho mengibukela umabonakude kwisikhathi samanje njengoba kwake kwaba khona isikhangiso esasikade singishaya umxhwele, wawungithola ngisilingisela uma sikhangiswa ngicule naso kodwa sekwa phela konke lokho. Ingabe kungifundisani konke lokhu? Lokhu kungifundisa ukuthi thina bantu sihehwa yizinto isikhashane nje emva kwalokho ziyaphupha emehlweni wethu, izinkundla ezihlukene zezikhangiso uma zikhangisa zenza isiqiniseko sokuthi zibhala amagama ahehayo zenzele ukuthi uzibone sengathi utho lolo uyaludinga.

 

Comments

Popular posts from this blog

Family members seek justice for murdered daughter

Tumi Bulunga aims for the stars

Ward 45 promotes health awareness