Bazitshela ukuthi uma beza eNingizimu Afrika
sebephunyukile kwingcindezelo abekade bebhekane nayo kumazwe ababuya kuwo,
kanti cha! Lezinhlanga zizithola zibizwa ngama gama anjengokuthi amakwerekwere,
amashangane kanye namanye amagama anganambitheki neze.
Iningizimu Afrika yisizwe esaziwa jikelele ngokuthi
siyisizwe sokuthula, sothando, sokubambisana, esinamathuba omsebenzi kanye nobuntu
kodwa abokufika abakwazwi konke lokho ngenxa yezidlova yezephula mthetho
eziphatha lezinhlanga ngendlela yobunja noma yobuncenge. Kune senzo esibi
esingathandeki esenziwa yizakhamizi zakuleli sokucwasa izinhlanga ezibuya
ngaphandle kweNingizimu Afrika esibizwa ngokuthi phecelezi- Xenophobia.
Lesisenzo saqala ngonyaka ka 2008 lapho uhulumeni wesizwe kwakungu Mnu. THABO
MBHEKI kanti futhi imbangela kwakwileyo yokuthi abakuleli babekhala ngokuthi
amathuba omsebenzi ayesemancane ngenxa yokufika ‘‘kwezivakashi’’ noma abokufika
kuleli. Ochwepheshe uma benza izikhangiso bathola ukuthi yintsha ebhikisha phambili
nalezi zenzo zokucwasa nokushawa kwabangokufika kuleli laba abokufika bafika
ngomunyaka ka 1994, izizatho kuba yilezo zokuthi intsha ikhalaza
ngokungayitholi imisebenzi ngenxa yokuthi isibalo salaba bokufika kuleli
siyanda njalo kanti futhi yibo abaxhaphakelwa amathuba yemisebenzi. Njengoba
kuyinyanga yamalungelo ngikubeka kucace ukuthi umuntu unelungelo lokuphila
kanye nelungelo lokuhlonishwa kanti lokhu ngikusho ngoba omenziwa kulesi
sigameko awagcinwa amalungelo abo kanti futhi baphathwa okwezilwane, nezilwane
sezize zinawo namalungelo.
Omenziwa kulesi sesigameko sokucwaswa yilabo phela
ababuya emazweni aswele lapho khona kumbulwa kwembeswa ikati lilele eziko kumazwe
anjengo Malawi, Zimbabwe, Mozambique, Somalia kanye namanye. Kuyadabukisa lokhu
ngoba laba bokufika kuleli basuke belethwe yizizathu zokubaluleka, ukufuna
amathuba angcono kanye nokuphucuka nokushintsha izimo emindenini yabo ngokuza
ezweni lase Ningizimu Afrika nokho nje bengahlosanga ukudla izambane likapondo.
Uma abokufika beza kuleli basuke bezitshele ukuthi bav.ikelekile, lowo mcabango
uphela mhlazane thina njengabantu abantu sigqekezela amasulumane siwashaya
siyatshela ukuthi ebuyele emakubo siwaphuca isinkwa esandleni. Lemikhuba emibi
yenziwa kakhulu uma kuneziteleka, uyothola izakhamuzi zitelekela izinhlelo
ezithile kuHulumeni kodwa ekugcineni omenziwa kuyoba yiwo phela amasulumane
namandiya ngenxa yokuthi abuya ngaphandle. Izandla ziyagezana, lokhu ngikusho
ngoba uma ngempela abokufika bexoshwa behlukunyezwa betshelwa ukuthi bebuyele
emakubo iNingizimu Afrika iyoba enjani ngempela ngaphandle kwezinhlanga
ezihlukahlukene ezibuya emazweni angafani ngoba phela lelizwe linjena nje
ingenxa yembumbe yezinhlanga ezingafani ngoba phela lokho kulilethela amathuba
amaningi izwe lethu kanye nabantu abango chwepheshe kwimikhakha ehlukahlukene.
Uma izakhamuzi zishaya ziphinde zixoshe abokufika kuleli oDokotela izwe lethu
lizobathathaphi njengoba amazinga wokuphaswa kwezibalo kwimfundo ephakeme
aphansi kakhulu kanti futhi bambalwa othishela bezibalo kanye nezifundo
zobuchwepheshe. Imvelaphi yeningi kwisizwe sethu iqhamuka kuzo lezinhlanga
eziphiliswa ngalesi sihlungu yingakho ngiphikisana nesenzo sokucwaswa
kabokufika ngoba omenziwa kulesigameko abazali bethu, kuzwisa ubuhlungu lokhu
ngoba uma ungagxila kulezizehlakalo uthola ukuthi ibala lwabantu abamnyama abampofu
yibo kanye labo abaphilisa loluhlobo lwabantu abampofu ababuya kumazwe wase
Afrika ngaphansi kwezimo ezibucayi.
Kuzozonke izigameko lapho kuphathwa kabi abokufika
izinkundla zokuxhumana zenza isiqiniseko sokuthi zazisa zonke izakhamuzi kanye
nemiphakathi ukuthi kwenzakalani kuzifundazwe zonke, izinsolo zithi abantu
okumele bathweswe icala yibo kanye labo abaphethe kwizinkundla zokuxhumana
ngoba yizo ezigqugquzela abantu ekuthenini bephathe kabi labo bokufika ngoba
ebantwini kuba zinhlanga zimuka nomoya. Izintatheli zisolwa ngokuba nehaba
ekudluliseni kwemininingwanwe ephathelene nalesi sehlakalo. Umthelela
kulesehlakalo yilowo wokuthi uthola isakhamuzi sakuleli esineziqu sizitshela ukuthi
ngeke sithobele umsebenzi ongakhokhi ngendlela emunelisayo, masekuvela lowo
wokufika ekhuthazwa yisimo sokuswela ezitshele ukuthi noma yimuphi umsebenzi
umlungele ngenxa yokuthi loyo usuke engagijimisi amalungelo kepha ehlose
ukubeka utho phezu kwetafula.
Uma ngingaqhathanisa umehluko phakathi komuntu
wakuleli nowokufika, umehluko ungaba ekutheni phakathi kwalaba bobabili
kunalowo oswele kodwa engafuni ukuzibona esebenza ngaphansi kwengcindezi kunoma
yimuphi futhi umsebenzi bese kuba nalawo ozitshele ukuthi engasebenza noma
yikuphi uma nje ezothola imali kanti futhi lowo ubona ithuba lapho khona
amathuba ayimvela kancane akagqizi qakala noma uyozithola eshiswa yilanga noma
cha loyo ke wuye kanye lowo oshawayo ngenxa yokuthi uphuma ngaphandle kanti futhi
uyinhlanga yolunye uhlobo.
Phansi ngokucwasana! Singama Afrika sonke kanti futhi
sixhumene ngokhokho mkhukhu bethu. Nengonyama yamazulu iNkosi uGoodwill
Zwelithini kwimbizo wake wanxusa ukuthi makungabi nodlamu oluphathelene
nabokufika kuleli, PHANSI NGOKUCWASANA.
Comments
Post a Comment