PHANSI NGOKUCWASWA BOKUFIKA




Bazitshela ukuthi uma beza eNingizimu Afrika sebephunyukile kwingcindezelo abekade bebhekane nayo kumazwe ababuya kuwo, kanti cha! Lezinhlanga zizithola zibizwa ngama gama anjengokuthi amakwerekwere, amashangane kanye namanye amagama anganambitheki neze.

Iningizimu Afrika yisizwe esaziwa jikelele ngokuthi siyisizwe sokuthula, sothando, sokubambisana, esinamathuba omsebenzi kanye nobuntu kodwa abokufika abakwazwi konke lokho ngenxa yezidlova yezephula mthetho eziphatha lezinhlanga ngendlela yobunja noma yobuncenge. Kune senzo esibi esingathandeki esenziwa yizakhamizi zakuleli sokucwasa izinhlanga ezibuya ngaphandle kweNingizimu Afrika esibizwa ngokuthi phecelezi- Xenophobia. Lesisenzo saqala ngonyaka ka 2008 lapho uhulumeni wesizwe kwakungu Mnu. THABO MBHEKI kanti futhi imbangela kwakwileyo yokuthi abakuleli babekhala ngokuthi amathuba omsebenzi ayesemancane ngenxa yokufika ‘‘kwezivakashi’’ noma abokufika kuleli. Ochwepheshe uma benza izikhangiso bathola ukuthi yintsha ebhikisha phambili nalezi zenzo zokucwasa nokushawa kwabangokufika kuleli laba abokufika bafika ngomunyaka ka 1994, izizatho kuba yilezo zokuthi intsha ikhalaza ngokungayitholi imisebenzi ngenxa yokuthi isibalo salaba bokufika kuleli siyanda njalo kanti futhi yibo abaxhaphakelwa amathuba yemisebenzi. Njengoba kuyinyanga yamalungelo ngikubeka kucace ukuthi umuntu unelungelo lokuphila kanye nelungelo lokuhlonishwa kanti lokhu ngikusho ngoba omenziwa kulesi sigameko awagcinwa amalungelo abo kanti futhi baphathwa okwezilwane, nezilwane sezize zinawo namalungelo.

Omenziwa kulesi sesigameko sokucwaswa yilabo phela ababuya emazweni aswele lapho khona kumbulwa kwembeswa ikati lilele eziko kumazwe anjengo Malawi, Zimbabwe, Mozambique, Somalia kanye namanye. Kuyadabukisa lokhu ngoba laba bokufika kuleli basuke belethwe yizizathu zokubaluleka, ukufuna amathuba angcono kanye nokuphucuka nokushintsha izimo emindenini yabo ngokuza ezweni lase Ningizimu Afrika nokho nje bengahlosanga ukudla izambane likapondo. Uma abokufika beza kuleli basuke bezitshele ukuthi bav.ikelekile, lowo mcabango uphela mhlazane thina njengabantu abantu sigqekezela amasulumane siwashaya siyatshela ukuthi ebuyele emakubo siwaphuca isinkwa esandleni. Lemikhuba emibi yenziwa kakhulu uma kuneziteleka, uyothola izakhamuzi zitelekela izinhlelo ezithile kuHulumeni kodwa ekugcineni omenziwa kuyoba yiwo phela amasulumane namandiya ngenxa yokuthi abuya ngaphandle. Izandla ziyagezana, lokhu ngikusho ngoba uma ngempela abokufika bexoshwa behlukunyezwa betshelwa ukuthi bebuyele emakubo iNingizimu Afrika iyoba enjani ngempela ngaphandle kwezinhlanga ezihlukahlukene ezibuya emazweni angafani ngoba phela lelizwe linjena nje ingenxa yembumbe yezinhlanga ezingafani ngoba phela lokho kulilethela amathuba amaningi izwe lethu kanye nabantu abango chwepheshe kwimikhakha ehlukahlukene. Uma izakhamuzi zishaya ziphinde zixoshe abokufika kuleli oDokotela izwe lethu lizobathathaphi njengoba amazinga wokuphaswa kwezibalo kwimfundo ephakeme aphansi kakhulu kanti futhi bambalwa othishela bezibalo kanye nezifundo zobuchwepheshe. Imvelaphi yeningi kwisizwe sethu iqhamuka kuzo lezinhlanga eziphiliswa ngalesi sihlungu yingakho ngiphikisana nesenzo sokucwaswa kabokufika ngoba omenziwa kulesigameko abazali bethu, kuzwisa ubuhlungu lokhu ngoba uma ungagxila kulezizehlakalo uthola ukuthi ibala lwabantu abamnyama abampofu yibo kanye labo abaphilisa loluhlobo lwabantu abampofu ababuya kumazwe wase Afrika ngaphansi kwezimo ezibucayi.

Kuzozonke izigameko lapho kuphathwa kabi abokufika izinkundla zokuxhumana zenza isiqiniseko sokuthi zazisa zonke izakhamuzi kanye nemiphakathi ukuthi kwenzakalani kuzifundazwe zonke, izinsolo zithi abantu okumele bathweswe icala yibo kanye labo abaphethe kwizinkundla zokuxhumana ngoba yizo ezigqugquzela abantu ekuthenini bephathe kabi labo bokufika ngoba ebantwini kuba zinhlanga zimuka nomoya. Izintatheli zisolwa ngokuba nehaba ekudluliseni kwemininingwanwe ephathelene nalesi sehlakalo. Umthelela kulesehlakalo yilowo wokuthi uthola isakhamuzi sakuleli esineziqu sizitshela ukuthi ngeke sithobele umsebenzi ongakhokhi ngendlela emunelisayo, masekuvela lowo wokufika ekhuthazwa yisimo sokuswela ezitshele ukuthi noma yimuphi umsebenzi umlungele ngenxa yokuthi loyo usuke engagijimisi amalungelo kepha ehlose ukubeka utho phezu kwetafula.

Uma ngingaqhathanisa umehluko phakathi komuntu wakuleli nowokufika, umehluko ungaba ekutheni phakathi kwalaba bobabili kunalowo oswele kodwa engafuni ukuzibona esebenza ngaphansi kwengcindezi kunoma yimuphi futhi umsebenzi bese kuba nalawo ozitshele ukuthi engasebenza noma yikuphi uma nje ezothola imali kanti futhi lowo ubona ithuba lapho khona amathuba ayimvela kancane akagqizi qakala noma uyozithola eshiswa yilanga noma cha loyo ke wuye kanye lowo oshawayo ngenxa yokuthi uphuma ngaphandle kanti futhi uyinhlanga yolunye uhlobo.  

Phansi ngokucwasana! Singama Afrika sonke kanti futhi sixhumene ngokhokho mkhukhu bethu. Nengonyama yamazulu iNkosi uGoodwill Zwelithini kwimbizo wake wanxusa ukuthi makungabi nodlamu oluphathelene nabokufika kuleli, PHANSI NGOKUCWASANA.

Comments

Popular posts from this blog

Family members seek justice for murdered daughter

Tumi Bulunga aims for the stars

Ward 45 promotes health awareness